IZITHAKAZELO ZAKWA DLAMINI

Nazo ke izithakazelo zakwa Dlamini njengoba ziqoshwe emlandweni wakwa-Zulu
Dlamini.
 
Izithakazelo zakwa Dlamini
 
Sibalukhulu,
Mdlovu, Magaduzela,
Magaga kaNsele,
Wena owashisa umuntu ngesikhuni esibunjini kwaze kwasa eyobayoba,
Mgoqo ovimb'esangweni nansi impi,
Izwe lafa ngathini na?
Wena owabonela empunzini ukuthi kuyabalekwa ngoba yona yabaleka yaziphonsa ocingweni,
Ngonyama!
 
Uma kukhona ofuna ukukwangeza kulezizithakazelo zakwa Dlamini vele wenze njalo knona lana ngezansi. Izithakazelo zakwa Dlamini ngeke waziqeda, yisho lezi ozaziyo sigiye sonke.

Izithakazelo zakwa Dlomo


Izithakazelo zakwa Dlomo


Nazi ke izithakazelo zakwa Dlomo

Dinangwe,
Mkhabela,
Bhelesi, Khweba,
Malala nomunwe endunu,
Avuke ancinde akhwife eMpumalanga,
Abuye ancinde akhwife eNtshonalanga,
Sikhaba esingangenkomo!

Nazi ezinye izithakazelo ezisondelene

 

Izithakazelo Zakwa Buthelezi

Izithakazelo zakwa Buthelezi
Izithakazelo zakwa Buthelezi

Nazi ke izithakazelo zakwa Buthelezi ezibhalwe ngokucophelela. Uma ufuna ukuzandisa kwenze lokho endaweni yama comments

Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!

Phawula ngalezi izithakazelo zakwa Buthelezi khona lana noma ubuze umbuzo wakho ngokunjalo.

Ezakwa Dlomo
Ezakwa Cele

IZITHAKAZELO ZAKWA CELE

Izithakazelo zakwa Cele
Izithakazelo zakwa Cele
Izithakazelo zakwa Cele


Nazo ke izithakazelo zakwa Cele ezibhalwe kusukela kudala ngabo 1900. Ungagcwalisela ke nawe noma ubuze lapho ungaboni khona kuma comments.

Khumbuza,
Nkomo kayivuswa,
Nkomo isengw'ilele,
Ngob'ingenakuvuswa muntu!
Kwasiqunga esihle, Esizalel'amazinye namasakabuli!
Dibandlela!
Magaye!
Vico akagezanga,
Obuye nensil'emfuleni,
Ngob'ethembe ukugeza ngobisi

Uma unazo ezinye izithakazelo zakwa Cele, ungangabazi ukwandisa kulezi. Uma futhi ufuna izithakazelo zesinye isibongo okungasona esakwa Cele ungangabazi ukubhala kuma comments ukuze sikwazise ngazo