IZITHAKAZELO ZAKWA DLAMINI



Nazo ke izithakazelo zakwa Dlamini njengoba ziqoshwe emlandweni wakwa-Zulu
Dlamini.
 
Izithakazelo zakwa Dlamini
 
Sibalukhulu,
Mdlovu, Magaduzela,
Magaga kaNsele,
Wena owashisa umuntu ngesikhuni esibunjini kwaze kwasa eyobayoba,
Mgoqo ovimb'esangweni nansi impi,
Izwe lafa ngathini na?
Wena owabonela empunzini ukuthi kuyabalekwa ngoba yona yabaleka yaziphonsa ocingweni,
Ngonyama!
 
Uma kukhona ofuna ukukwangeza kulezizithakazelo zakwa Dlamini vele wenze njalo knona lana ngezansi. Izithakazelo zakwa Dlamini ngeke waziqeda, yisho lezi ozaziyo sigiye sonke.