Izithakazelo Zakwa Buthelezi

Izithakazelo zakwa Buthelezi
Izithakazelo zakwa Buthelezi

Nazi ke izithakazelo zakwa Buthelezi ezibhalwe ngokucophelela. Uma ufuna ukuzandisa kwenze lokho endaweni yama comments

Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!

Phawula ngalezi izithakazelo zakwa Buthelezi khona lana noma ubuze umbuzo wakho ngokunjalo.

Ezakwa Dlomo
Ezakwa Cele